Home » People & Blogs » ZU MALEMAVILLE

ZU MALEMAVILLE

Written By mhlaba phathizwe on Thursday, Nov 27, 2014 | 07:14 AM

 
Idolobha laseTshwane lihlela ukuthathela izinyathelo zomthetho labo abahlezi endaweni ngokungemthetho ePitoli. Abantu asebegxumeke imijondolo eMalemaville bayenqaba ukusuka kulendawo ebangwayo kanti umkhandlu wedolobha uthi baphambene nomthetho wenkantolo. NgoMsombuluko ebusuku, idolobha langqongqisa ngomlilo lemijondolo, kodwa ke yize izakhamuzi zikhonondela ukuthi zilahlekelwe yikonakonke okwazo, zala ukhasha ukusuka kanti zakha kabusha imijondolo yazo.